Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 4:5 - IsiZulu 2020

USathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

USathane wayesemthatha wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

USathane wayesemthatha wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 4:5
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ubude nobubanzi bomphemegumbi owawuphambi kwendlu babungamakhubhithi angama-20, ukuphakama kungamakhubhithi ayi-120; wawuhuqa ngaphakathi ngegolide elicwengekileyo.


Abaholi babantu bahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza unkatho, bakhetha oyedwa kwabalishumi ukuba ayohlala eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye emizini yakubo.


Bonke abaLevi abasemzini ongcwele babengama-284.


Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele, bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe.


Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Ziyoni, ugqoke izingubo zakho zakwanokusho, wena Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayukungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini eJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho sebeyihlazo kubo bonke abasizungezileyo.


“Amasonto angama-70 anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiphrofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.


USathane wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha,


UJesu waphendula, wathi: “Ngabe awunalo igunya phezu kwami, ukuba awulinikwanga ngaphezulu. Ngakho-ke onginikele kuwe, nguyena onesono esikhulu.”


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli uliyeke, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwugxobagxoba izinyanga ezingama-42.