Wayesevuka; bheka, nanto iqebelengwane ngasekhanda lakhe, elalenziwe ematsheni ashisayo, nophiso lwamanzi. Wadla, waphuza; wabuye walala phansi.
Mathewu 4:11 - IsiZulu 2020 USathane wayesesuka kuye; kwafika izingelosi zamkhonza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. Baasraak Zulu New Testament Bible USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. Contemporary Zulu Bible 2024 USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. |
Wayesevuka; bheka, nanto iqebelengwane ngasekhanda lakhe, elalenziwe ematsheni ashisayo, nophiso lwamanzi. Wadla, waphuza; wabuye walala phansi.
Ucabanga ukuthi bengingecele yini kuBaba angithumelele amaviyo ezingelosi angaphezu kwali-12 na?
wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyala izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, funa unyawo lwakho luqhuzuke etsheni.’ ”
Wahlala khona izinsuku ezingama-40 elingwa nguSathane, wayephakathi kwezilwane zasendle, kodwa izingelosi zazimkhonza.
Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla ukuba nimelane nami, kepha manje yithuba lenu leli, namandla obumnyama.”
Angisezukukhuluma nani ngenabe, ngokuba umbusi waleli lizwe uyeza, nokho-ke akanamandla kimi,
Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.
Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?
Mhla futhi eletha izibulo emhlabeni uthi: “Izingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”