lapho iNkosi isikukhucululile ukungcola kwamadodakazi aseZiyoni, yalihlanza igazi eliphakathi kweJerusalema ngomoya wokwehlulela nangomoya womlilo.
Mathewu 3:11 - IsiZulu 2020 “Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kube ngukuphenduka. Kepha oza emva kwami, unamandla kunami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe. Uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo, Baasraak Zulu New Testament Bible Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; Contemporary Zulu Bible 2024 Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; |
lapho iNkosi isikukhucululile ukungcola kwamadodakazi aseZiyoni, yalihlanza igazi eliphakathi kweJerusalema ngomoya wokwehlulela nangomoya womlilo.
Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokomileyo, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwabantwana bakho, nesibusiso sami phezu kwezizukulwane zakho;
Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”
Kwavela uJohane ebhabhadisa ehlane, eshumayela umbhabhadiso wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono.
Uyakuhamba phambi kwayo enomoya namandla ka-Eliya ukuphendula izinhliziyo zawoyise, babuyisane nabantwana, abangalaleliyo babe nokuqonda kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esikulungiselweyo ukufika kwayo.”
uJohane waphendula wathi kubo bonke: “Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kodwa uyeza onamandla kunami engingafanele ngisho ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe, Yena-ke uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.
Wahamba kulo lonke iJordani, eshumayela ngombhabhadiso wokuphenduka, bese kuthethelelwa izono,
UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Lona nguye engikhulume ngaye ngathi: ‘Emva kwami kuza lowo omkhulu kunami, ngokuba wayekhona ngaphambi kwami.’ ”
Nguye lo ebengikhuluma ngaye, ngithi: ‘Emva kwami kuza owavela ngaphambi kwami, owayekhona kuqala kunami.’
Ngokuba uJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubhabhadiswa ngoMoya oNgcwele zingakadluli izinsuku eziningi.
UPawula wayesethi: “UJohane wabhabhadisa ngombhabhadiso wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguYena ozakufika emuva kwakhe; lowo nguJesu.”
Besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Nanka phela amanzi; kwalani ukuba ngibhabhadiswe na?”
Wayeseyala ukuba ime inqola. Umthenwa noFiliphu behla baya emanzini, uFiliphu wayesembhabhadisa umthenwa.
Ngokuba thina sonke sabhabhadiswa ngaMoya munye, ukuba sibe mzimba munye, noma ngabe singabaJuda noma singamaGriki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; sonke saphuziswa Moya munye.
Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.
wasisindisa; hhayi ngemisebenzi yokulunga esayenza, kodwa ngokwesihawu sakhe, ngokugezwa kokuphindu kuzalwa, ngokuba senziwe basha ngoMoya oNgcwele,
Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.