Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 3:1 - IsiZulu 2020

Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhabhadisi eshumayela ehlane eJudiya,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi:

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngalezo zinsuku kwafika uJohane uMbhapathizi, eshumayela ehlane laseJudiya,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngalezo zinsuku kwafika uJohane uMbhapathizi, eshumayela ehlane laseJudiya,

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 3:1
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UBhenaya, indodana kaJehoyada, wenyuka wamthelekela, wambulala, wembelwa endlini yakhe ehlane.


“Ngiqinisile ngithi kini: akukho namunye osewake wavela kwabazelwe ngabesifazane omkhulu kunoJohane uMbhabhadisi; kodwa omncane embusweni wezulu, mkhulu kunaye.


Kwathi labo bafundi sebehamba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane niyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?


Bathi: “Abanye bathi inguJohane, uMbhabhadisi; abanye bathi ingu-Eliya; abanye bathi inguJeremiya noma ingomunye wabaphrofethi.”


Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kodwa abathelisi nezifebe bakholwa nguye. Kepha nina, nakuba nikubona akwenzileyo, aniguqukanga nakamuva ukuba nikholwe nguye.”


Ngakho-ke vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.


ethi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”


Kunjengalokhu kulotshiwe encwadini kamphrofethi u-Izaya, ukuthi: “Bheka, ngithuma isithunywa sami phambi kwakho, esiyakulungisa indlela yakho;


Nawe-ke, mntwana, uyakuthiwa ungumphrofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuyandulela iNkosi; ulungisa izindlela zayo


Kuthe sezihambile izithunywa zikaJohane, waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ethi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?


kusukela embhabhadisweni kaJohane kuze kube wusuku akhushulwa ngalo kithi, enye yawo ibe ngufakazi kanye nathi, wokuvuka kwakhe.”


“Manje, uSimakade ungivumele ngaphila njengalokhu ayeshilo, yonke le minyaka engama-45 kusukela ngesikhathi uSimakade akhuluma ngaso leli lizwi kuMose, ngesikhathi u-Israyeli esehamba edabula ehlane; manje ngisekhona nanamuhla, sengineminyaka engama-85.


Abozalo loMkheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka nabozalo lukaJuda bisuka emzini wamasundu baya ehlane lakwaJuda eNegevu ese-Aradi. Yena wahamba wayohlala nabantu.