Uyabahlangabeza labo abakuthokozelayo ukwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela; thina sona, sahlala kukho isikhathi eside, pho siyosindiswa na?
Mathewu 28:9 - IsiZulu 2020 UJesu wahlangana nabo, wathi: “Sanibona.” Basondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona.” Besondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi besaya ukubikela abafundi bakhe, bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona! Base besondela, bambamba izinyawo, bakhuleka kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi besaya ukubikela abafundi bakhe, bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona! Base besondela, bambamba izinyawo, bakhuleka kuye. |
Uyabahlangabeza labo abakuthokozelayo ukwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela; thina sona, sahlala kukho isikhathi eside, pho siyosindiswa na?
UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona lapho.”
Bashesha basuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe.
Seyifikile, yasondela ingelosi lapho ayekhona, yathi kuye: “E! Wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.”
Wema ngemuva kukaJesu, ngasezinyaweni zakhe, ekhala. Waqala ukumatisa izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe, wayesezesula ngezinwele zakhe, wazanga izinyawo ephindelela, wayesezigcoba ngamakha.
UMariya wayesethatha ingxenye yamafutha enadi, enani eliphezulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wazesula ngezinwele zakhe. Iphunga elimnandi lamakha lagcwalisa indlu.
Kwathi kusihlwa, ngalolo lusuku lokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi babekhona ngenxa yokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kini.”
Elokugcina bazalwane, thokozani, nihlumeleleke, nigqugquzeleke, nibe namqondo munye, futhi nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.
Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.