Mathewu 28:8 - IsiZulu 2020 Bashesha basuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima baya ukubikela abafundi bakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu; wagijima wabikela abafundi bakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu; wagijima wabikela abafundi bakhe. |
Phuthumani, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo. Useyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Niyabona-ke, senginitshelile.”
UJesu wahlangana nabo, wathi: “Sanibona.” Basondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye.
Baphuma, babaleka ethuneni, ngokuba behlelwa ngukuthuthumela nokumangala, kabatshelanga muntu ngalokho, ngokuba babesaba.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kodwa usizi lwenu luyakuba yintokozo.
Nani-ke nilusizi manje, kodwa ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; futhi akekho onganephuca intokozo yenu.