Ningabi naluvalo, ningesabi; angimemezelanga yini kusukela emandulo, nganazisa na? Nina ningofakazi bami. Ukhona yini uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Qha, alikho iDwala; angilazi.”
Mathewu 28:7 - IsiZulu 2020 Phuthumani, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo. Useyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Niyabona-ke, senginitshelile.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Bhekani, nginitshelile.” Baasraak Zulu New Testament Bible Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile; niyakumbona lapho; bhekani, nginitshelile. Contemporary Zulu Bible 2024 Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile; niyakumbona lapho; bhekani, nginitshelile. |
Ningabi naluvalo, ningesabi; angimemezelanga yini kusukela emandulo, nganazisa na? Nina ningofakazi bami. Ukhona yini uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Qha, alikho iDwala; angilazi.”
Kumemezeleni, nikuveze; yebo, mabaxoxe. Ngubani owakubikezela lokhu endulo, wakumemezela esikhathini sasemandulo na? AkusiMina Simakade na? Akekho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akekho ngaphandle kwami.
UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona lapho.”
Bashesha basuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe.
Kepha nginitshelile ngalezo zinto ukuze kuthi lapho sekufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela ngazo; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.”
Emveni kwalokho, wabonwa ngabazalwane abangaphezu kwama-500 ngasikhathi sinye, iningi labo elisaphila namanje, kodwa abanye sebalala.