Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 28:7 - IsiZulu 2020

Phuthumani, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo. Useyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Niyabona-ke, senginitshelile.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Bhekani, nginitshelile.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile; niyakumbona lapho; bhekani, nginitshelile.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile; niyakumbona lapho; bhekani, nginitshelile.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 28:7
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ningabi naluvalo, ningesabi; angimemezelanga yini kusukela emandulo, nganazisa na? Nina ningofakazi bami. Ukhona yini uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Qha, alikho iDwala; angilazi.”


Kumemezeleni, nikuveze; yebo, mabaxoxe. Ngubani owakubikezela lokhu endulo, wakumemezela esikhathini sasemandulo na? AkusiMina Simakade na? Akekho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akekho ngaphandle kwami.


Niyabona-ke, nginitshele kungakenzeki lokho.


kodwa emva kokuba sengivusiwe ngiyakunandulela ukuya eGalile.”


UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona lapho.”


Bashesha basuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe.


Kepha emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.”


Yena wahamba wayobabikela bonke labo ababehamba noJesu, ababelila, bekhala.


Nabo bahamba bayobikela abanye; nalabo abakholwanga.


bethi: “Nembala iNkosi ivukile, izibonakalisile kuSimoni.”


Manje senginitshelile kungakenzeki, ukuze nikholwe lapho sekwenzekile.


Kepha nginitshelile ngalezo zinto ukuze kuthi lapho sekufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela ngazo; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.”


nokuthi wambelwa, wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,


Emveni kwalokho, wabonwa ngabazalwane abangaphezu kwama-500 ngasikhathi sinye, iningi labo elisaphila namanje, kodwa abanye sebalala.