Mathewu 28:4 - IsiZulu 2020 Ababelinde iliba bathuthumela ngenxa yokuyesaba, baba njengabafileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha abalindi bathuthumela ngokuyesaba, baba njengabafileyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuyesaba kwayo abalindi bathuthumela, baba njengabafileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuyesaba kwayo abalindi bathuthumela, baba njengabafileyo. |
Mina, Daniyeli, yimi ngedwa engawubona umbono, ngokuba abantu ababenami abawubonanga, kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu, babaleka bayocasha.
Besahamba, abanye kubalindi bafika emzini, babikela abaphristi abakhulu konke okwakwenzekile.
Ingelosi yaphendula yathi kwabesifazane: “Ningesabi, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.
Wayesethi akulethwe izibani, wagijima ethuthumela, wangena ngaphakathi, wafike wazilahla phambi kukaPawula noSila.
Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina,