Mathewu 28:1 - IsiZulu 2020 Kwathi seledlulile isabatha, ekuseni kusempondozankomo, ngosuku lokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, ukuzobona iliba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba. Baasraak Zulu New Testament Bible Ekupheleni kwesabatha, ngovivi ngolokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, bezobona ithuna. Contemporary Zulu Bible 2024 Ekupheleni kwesabatha, ngovivi ngolokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, bezobona ithuna. |
Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, uJose, nonina wamadodana kaZebedewu.
Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behleli phambi kwethuna.
Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.
Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kusantwela ezansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile.
Phezu kwalokho abesifazane abathile bakithi basethusile, abebeyile ethuneni ekuseni ngovivi.