ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?
Mathewu 27:3 - IsiZulu 2020 Kuthe uJuda owayemkhaphelile ebona ukuthi icala limlahlile, wazisola, wayesezibuyisela kubaphristi namalunga izinhlamvu zesiliva ezigama-30, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona uJuda owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga, Baasraak Zulu New Testament Bible Khona uJudasi owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi abakhulu namalunga; Contemporary Zulu Bible 2024 Khona uJudasi owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi abakhulu namalunga; |
ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?
Uma inkabi igwaze yabulala isigqila sesilisa noma sesifazane, umniniyo uyokhokhela umnini wesigqila amashekeli esiliva angama-30; inkabi ikhandwe ngamatshe.
USimakade wathi kimi: “Ziphonse kumbumbi,” kwakuyinani elikhulu ababengilinganise nalo. Ngathatha kubo izinhlamvu zesiliva ezingama-30 ngaziphonsa kumbumbi endlini kaSimakade.
Sekudliwa isidlo sakusihlwa, usathane wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele.
Emva kokuba emukele ucezu, uSathane wangena kuye. UJesu wayesethi kuJuda: “Lokhu okwenzayo, kwenze masinyane.”
UJuda esetholile isigejana samabutho, izikhonzi zabaphristi abakhulu, nabaFarisi, wahamba nabo baya kuleyo ndawo, bephethe izihlonti, izibani nezikhali.
Ngakho-ke lowo wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waphahlazeka, kwachitheka nezibilini zakhe zaphumela ngaphandle.
Ukudabuka okwenziwa nguNkulunkulu kuholela ensindisweni, umuntu angasoze azisola ngakho, kube ngukusindiswa, kodwa ukudabuka okuya ngokwezwe, kuholela ekufeni.