Abafowabo baba nomona ngaye, kodwa uyise wawagcina enhliziyweni yakhe lawo maphupho.
Mathewu 27:18 - IsiZulu 2020 UPilatu wayazi ukuthi uJesu bamnikele ngenxa yomona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu. |
Abafowabo baba nomona ngaye, kodwa uyise wawagcina enhliziyweni yakhe lawo maphupho.
Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?
Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.
Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.
Ngakho-ke sebebuthene, uPilatu wathi kubo: “Nifuna ukuba nginikhululele bani uJesu onguBharabha, noma uJesu okuthiwa nguKhristu na?”
Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.”
Kepha abaJuda, bebona izixuku, bagcwala umona baqala ukuphikisana nokwakushiwo nguPawula futhi behlambalaza.
Kwase kusuka umphristi omkhulu, nabo bonke ababenaye beqembu labaSadusi, begcwele umona.
“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, base bethengisa ngaye eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayenaye.
Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?