Ingxenye yezingane zabo yayikhuluma ulimi lwase-Ashidodi kuphela, ingaluzwa ulimi lwakubo.
Mathewu 26:73 - IsiZulu 2020 Emva kwesikhashana, esesondele kwababemi lapho, bathi kuPhethro: “Impela nawe ungomunye wabo, udalulwa ngisho nangukukhuluma kwakho.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi emva kwesikhashana beza kuye ababemi khona, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo; ngoba ukukhuluma kwakho kuyakuveza. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi emva kwesikhashana beza kuye ababemi khona, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo; ngoba ukukhuluma kwakho kuyakuveza. |
Ingxenye yezingane zabo yayikhuluma ulimi lwase-Ashidodi kuphela, ingaluzwa ulimi lwakubo.
UPhethro waqala ukuqalekisa nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane, lakhala iqhude.
Kepha uPhethro wabuye waphika. Emva kwesikhashana futhi labo ababemi lapho bathi kuPhethro: “Impela wena ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.”
Bethuka, bamangala, bathi: “Bonke laba abakhulumayo abasibo yini abaseGalile na?
bese bethi kuye: yithi: “Shibholethi,” uma ethi: “Sibholethi,” ngoba engakwazi ukulibiza ngokufanele leli gama, bambambe, bambulalele emazibukweni eJordani. Kwafa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizi-42 000.