“Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.
Mathewu 26:52 - IsiZulu 2020 UJesu wathi kuye: “Buyisela inkemba yakho emgodleni wayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. |
“Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.
Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.
Kepha Mina ngithi kini: ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.
Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.
Qaphelani ukuba kungabi bikho muntu ophindisela komunye okubi ngokubi, kodwa phokophelani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye, nakubo bonke abanye.
Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa.
Uma uthathwa uyiswa ekuthunjweni, uyakuya ekuthunjweni; uma kukhona obulawa ngenkemba, uyakufa ngenkemba. Lokhu kungukubekezela nokukholwa kwabangcwele.
ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaphrofethi, ubanike igazi ukuba baliphuze; okuyikhona kubafanele.”