Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”
Mathewu 26:4 - IsiZulu 2020 Bakha uzungu lokuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. Baasraak Zulu New Testament Bible Bacebisana ukuthi bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. Contemporary Zulu Bible 2024 Bacebisana ukuthi bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. |
Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”
Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:
Wena sikhohlakali ungayicutheli indlu yolungileyo, ungayibhubhisi indawo yakhe yokuphumula,
Emva kwezinsuku ezimbili, kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna ithuba lokuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale.
wathi: “Maye, kuwe wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyukuyeka yini ukuphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?
Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlukumeza okhokho ngokubaphoqa ukuba balahle izingane zabo zingaphili.
Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.