Mathewu 26:14 - IsiZulu 2020 Kwasuka omunye wabali-12, okuthiwa nguJuda Iskariyothe, waya kubaphristi abakhulu, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu, Baasraak Zulu New Testament Bible Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili, othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu, Contemporary Zulu Bible 2024 Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili, othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu, |
Wayesebuza uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi na?” UJesu wathi kuye: “Usho khona.”
Kwathi esakhuluma; kwafika uJuda, omunye wabali-12, ehamba nesixuku sabantu esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubaphristi abakhulu namalunga esizwe.
Kuthe uJuda owayemkhaphelile ebona ukuthi icala limlahlile, wazisola, wayesezibuyisela kubaphristi namalunga izinhlamvu zesiliva ezigama-30,
Sekudliwa isidlo sakusihlwa, usathane wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele.
UJesu waphendula, wathi: “Yilowo engizakugcobhoza ucezu lwesinkwa ngimnike lona.” Wayesegcobhoza ucezu, walunika uJuda Iskariyothe.
UJuda owamkhaphelayo wayeyazi leyo ndawo, ngokuba uJesu wayejwayele ukuhlangana lapho nabafundi bakhe.
“Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba ugcwaliseke umbhalo, uMoya oNgcwele awukhuluma phambilini ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi walabo ababamba uJesu,
Ngakho-ke lowo wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waphahlazeka, kwachitheka nezibilini zakhe zaphumela ngaphandle.