Wayeseyala izinceku zakhe eziyizinyanga ukuba zigqumise isidumbu sikayise ngemithi. Izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi.
Mathewu 26:12 - IsiZulu 2020 Ngokuba lo wesifazane, ngokuthela lawa mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba lapho ethela lawo mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ngokuthela lawa mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungcwatshwa kwami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngokuthela lawa mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungcwatshwa kwami. |
Wayeseyala izinceku zakhe eziyizinyanga ukuba zigqumise isidumbu sikayise ngemithi. Izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi.
Bamngcwaba ethuneni lakhe ayeziqophele lona emzini kaDavide. Bambeka endaweni yokulala egcwele iphunga elimnandi namakha anhlobonhlobo ayexutshwe alungiswa ngokwenza komthaki. Bashisa impepho eningi kakhulu.
Wenze okungangamandla akhe; uwugcobile umzimba wami, ewugcobela ukuba umbelwe ngaphambi kwesikhathi.
Seledlule isabatha, uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuze bahambe bamgcobe ngawo.
Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.