USimakade wayesethi kimi: “Abaphrofethi baphrofetha amanga egameni lami. Angibathumanga, angibamisanga futhi angikhulumanga kubo. Baphrofetha kini imibono engamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yezingqondo zabo.
Mathewu 24:5 - IsiZulu 2020 Ngokuba kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKhristu,’ badukise abaningi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKristu,’ badukise abaningi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. |
USimakade wayesethi kimi: “Abaphrofethi baphrofetha amanga egameni lami. Angibathumanga, angibamisanga futhi angikhulumanga kubo. Baphrofetha kini imibono engamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yezingqondo zabo.
Mina angibathumanga abaphrofethi, nokho bagijima; angikhulumanga kubo, kodwa baphrofetha.
“Ngizwile ukuthi bathini abaphrofethi abaphrofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’
“Usho kanje uSimakade, uthi: ningazikhohlisi, nithi: ‘AmaKhaledi ayakusuka kithi noma kanjani, ahambe,’ ngokuba awayukuhamba.
Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo.
Ngize egameni likaBaba, kepha aningemukeli; kodwa uma kuza omunye ezizela egameni lakhe, lowo niyakumemukela.
Ngakho-ke ngithe kini niyakufela ezonweni zenu, ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.”
Ngakho-ke wathi kubo: “Uma seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, kulapho-ke niyakukwazi ukuthi nginguye, nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu engikufundiswe nguBaba.
Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokhu nezwa ukuthi uyeza umphikukhristu; namanje-ke sekukhona abaphika uKhristu abaningi, ngalokho sesiyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.
Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye lowo ophika ukuthi uJesu unguKhristu na? Yilowo ongumphikukhristu, ophika uYise neNdodana.
Lowo moya ongamvumi uJesu Khristu, akasiye okaNkulunkulu; lowo moya-ke ungokamphikukhristu, lo enitshelwe ngaye ukuthi uyeza, manje-ke usefikile ezweni.
Bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, bonke abamagama abo engalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu elahlatshwayo, selokhu kwasekelwa umhlaba.