Ngisho noma kusasele ingxenye yeshumi kulo, iyobuye ishiswe njengomtherebhinte nomu-okhi okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona, inzalo engcwele iyisiqu sakho.”
Mathewu 24:22 - IsiZulu 2020 Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. Baasraak Zulu New Testament Bible Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungayikusindiswa nyama, kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungayikusindiswa nyama, kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. |
Ngisho noma kusasele ingxenye yeshumi kulo, iyobuye ishiswe njengomtherebhinte nomu-okhi okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona, inzalo engcwele iyisiqu sakho.”
USimakade uthi: “Kuyakuthi ezweni lonke kunqunywe izingxenye ezimbili, zishabalale, kushiywe ingxenye yesithathu kulo.
Ngiyakuhlanganisa zonke izizwe zilwe neJerusalema. Ziyakudla umuzi; ziphange izindlu, kudlwengule abesifazane, ingxenye yomuzi iyiswe ekuthunjweni, kodwa abantu abaseleyo abayukubulawa emzini.
Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo.
Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ziqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni wezulu kuze kube komunye.
Ukuba iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, ngabe akusindiswanga muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha, yazifinyeza lezo zinsuku.
UNkulunkulu akayukubenzela yini ubulungiswa abakhethiweyo bakhe, abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele na?
Ngokuba engakazalwa amawele, engakakwenzi okuhle noma okubi, ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lifezeke,
Ngakho-ke ngibekezelela konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKhristu uJesu, nenkazimulo yaphakade.
UPhethro, umphostoli kaJesu Khristu, kwabakhethiweyo abayizihambi, abahlakazekele ePhontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, e-Asiya naseBhithiniya,