U-Elisha wagula ngesifo esagcina simthathile. UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wehla waya kuye, wakhala kakhulu, wathi: “Baba, Baba, inqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!”
Mathewu 23:9 - IsiZulu 2020 Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi: ‘Baba,’ ngokuba munye uyihlo, osezulwini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini. Baasraak Zulu New Testament Bible Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngokuba munye uYihlo osezulwini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo, ngokuba munye uYihlo osezulwini. |
U-Elisha wagula ngesifo esagcina simthathile. UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wehla waya kuye, wakhala kakhulu, wathi: “Baba, Baba, inqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!”
U-Elisha wakubona lokho, wamemeza, wathi: “Baba, baba, inqola yempi ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!” Akabange esambona futhi; wabamba izingubo zakhe waziklebhula kabili.
Inkosi yakwa-Israyeli isibabonile, yathi ku-Elisha: “Baba, ngibabulale yini? Ngibabulale na?”
“Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo. Uma nginguyihlo, pho kuphi ukuhlonishwa kwami? Uma ngiyinkosi, pho kuphi ukwesatshwa kwami?” kinina baphristi enidelela igama lami, kubuza uSimakade Wamabandla. Kodwa nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”
Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ukuba uYihlo osezulwini abaphe okuhle labo abacelayo kuye!
“Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani ukuziphendulela kwami phambi kwenu manje.”
Nakuba ningaba nabafundisi abayizi-10 000 kuKhristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba yimina enganizala kuKhristu uJesu ngevangeli.
ngibe nguYihlo, nina nibe ngamadodana, namadodakazi ami,” kusho iNkosi uSomandla.
Futhi-ke sasinobaba bethu begazi ababesiyala, futhi sibahlonipha. Pho singemthobele ngani kakhulu uYise wawomoya kunobaba, siphile na?
Ake nibheke uthando olungaka asinike lona uBaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo. Nokho izwe alisazi, ngokuba naye alimazanga.