Wayesethi uJehu: “Hamba nami ukuze ubone indlela engimshisekelela ngayo uSimakade.” Base bemgibelisa enqoleni yakhe.
Mathewu 23:5 - IsiZulu 2020 “Yonke imisebenzi yabo bayenza ukuba babukwe ngabantu. Amabhande abo abawabopha ebunzini uma bekhuleka bawenza abe banzi, benze izinsephe ezinkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo; Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo; |
Wayesethi uJehu: “Hamba nami ukuze ubone indlela engimshisekelela ngayo uSimakade.” Base bemgibelisa enqoleni yakhe.
“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.
Ububele neqiniso makungakushiyi; kubophele entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
Ngosuku lwesikhombisa umphristi uyosihlola isifo; uma singandile futhi kungekho zinwele ezimpofu kuso, isifo sibonakala singashonile kunesikhumba,
Kwakukhona owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, wasondela emuva kukaJesu, wathinta umphetho wengubo yakhe.
Wayesethi kubo: “Nina nizenza abalungileyo phambi kwabantu, kodwa uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okutuseka kakhulu kubantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.
Zidla izindlu zabafelokazi, zikhuleke isikhathi eside, zizenzisa. Laba bayakwemukela ukwehlulelwa okukhulu.”
Pho ningakholwa kanjani nisadumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu okunguye yedwa na?
Ozikhulumela ngokwakhe ufuna udumo lwakhe, kodwa ofuna udumo lwalowo omthumileyo, lowo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.
Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe wuphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.
Uyakuwabophela abe wuphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho.
Abanye kambe bashumayela uKhristu ngomhawu nangombango, kodwa abanye ngenhliziyo enhle.
Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani.
omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.