Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 23:39 - IsiZulu 2020

Ngokuba ngithi kini: anisayukubuye ningibone, nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona kusukela manje, nize nithi: Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona kusukela manje, nize nithi: Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 23:39
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makabusiswe ozayo egameni likaSimakade, siyanibusisa sisendlini kaSimakade.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zazimemeza zithi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiswe ozayo egameni leNkosi. Hosana kweliphezulu!”


Wayesethi kubafundi: “Izinsuku ziyeza, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kodwa aniyukulubona.


kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila.


UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na?


Ngakho-ke wabuye wathi kubo: “Ngiyamuka Mina, niyakungifuna, kodwa niyakufela ezonweni zenu. Lapho ngiya khona Mina, anikwazi nina ukuza khona.”


Ngakho-ke ngithe kini niyakufela ezonweni zenu, ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.”


U-Abhrahama, uyihlo, wathokoza ukuthi uzobona usuku lwami, walubona, wajabula.”


Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe.