Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 23:3 - IsiZulu 2020

Ngakho-ke konke abanitshela khona kwenzeni, nikugcine, kodwa ningakwenzi abakwenzayo. Ngokuba bayakhuluma, kodwa bangakwenzi abakushoyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi;

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngakho-ke konke abalitshela khona, kugcineni, likwenze; kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo, ngokuba bayakhuluma, bangenzi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngakho-ke konke abalitshela khona, kugcineni, likwenze; kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo, ngokuba bayakhuluma, bangenzi.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 23:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isandla sikaNkulunkulu sasikuJuda ukubenza babe nhliziyonye ukuze bagcine isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaSimakade.


Uma ukwenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanjalo, uyokwazi ukuma, nabantu bonke babuyele emizini yabo benokweneliswa.”


“Waya nakwenye, washo okufanayo kuyo. Yona yaphendula yathi: ‘Ngizoya, nkosi,’ kepha kayiyanga.


wathi: “Izazimthetho nabaFarisi bahleli esihlalweni sikaMose.


Babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu, kodwa bona abafuni ngisho ukuyithinta ngomunwe wabo.


Kodwa uPhethro nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezehlulelo, njengokuba uSimakade uNkulunkulu wami engiyalile ukuba nenze kanjalo phakathi kwezwe enizongena kulo ukuba nilidle.


Sondela wena, uzwe konke lokho uSimakade uNkulunkulu wethu azokukhuluma, bese wena ukhuluma nathi, usitshele wonke amazwi uSimakade uNkulunkulu wethu azowasho kuwe, siyokulalela, siwenze.’


abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema.


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.