Ngokuba inkosi yaseBhabhele isimi egumbini lezindlela, engosini yezindlela zombili, ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi, ihlola esibindini.
Mathewu 22:9 - IsiZulu 2020 ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zemigwaqo, nimeme noma yimuphi enimtholayo ukuba eze emshadweni.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho hambani niye ezindleleni, nibizele emshadweni bonke eningabafumana; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho hambani niye ezindleleni, nibizele emshadweni bonke eningabafumana; |
Ngokuba inkosi yaseBhabhele isimi egumbini lezindlela, engosini yezindlela zombili, ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi, ihlola esibindini.
Kwakungafanele ume ezimpambanweni zemigwaqo ukuba unqume abakubo abaphunyukileyo. Kwakungafanele ukhaphele abasindileyo bakubo ngosuku losizi.
“Bathi kuye: ‘Ngokuba akukho muntu osiqashileyo.’ “Wathi kubo: ‘Hambani nani niye esivinini.’
“Lezo zinceku zaphuma, zaya emigwaqweni, zaqoqa bonke ezabafumanayo, ababi nabahle. Indlu yomshado yagcwala phama ababemenyiwe.
“Yayisithi ezincekwini zayo: ‘Idili lomshado selilungisiwe, kepha ababemenyiwe bebengafanele,
Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema.
INkosi isiyale kanjalo yathi: “ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”
Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.
UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.