Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:
Mathewu 22:15 - IsiZulu 2020 AbaFarisi basuka lapho, babonisana ukuba bamhile ngezwi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona abaFarisi basuka benza icebo lokumthiya ekukhulumeni kwakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona abaFarisi basuka benza icebo lokumthiya ekukhulumeni kwakhe. |
Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:
Uma kukhona ozongibona, ukhuluma amanga ngami. Unqwabela okubi enhliziyweni yakhe, aphume akhulume ngakho.
Izinyathelo zami bazicuphe ngogibe, umphefumulo wami udangele, bangimbele umgodi, kwakhalakathela bona kuwo. Sela
Ngokuba, bheka, baqamekela impilo yami, iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko nasono kimi, Simakade.
Ababeka umuntu icala ngezwa bethi, babekele ugibe umthethi wamacala esigcawini, bachezukise olungileyo ngento engelutho.
Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”
Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”
Ngikhuluma lokhu ukuze nisizakale, angiqondile ukunicindezela; kodwa ukuba nihambe ngokufanele, nibambelele eNkosini, ningaphazanyiswa yilutho.
Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali nidangale emiphefumulweni yenu.