Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 21:44 - IsiZulu 2020

Owela phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa, kodwa yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Owayo phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Nalowo owela phezu kwaleli tshe uyakuphihlizwa, kepha lowo eliwela phezu kwakhe liyakumcolisa.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Nalowo owela phezu kwaleli tshe uyakuphihlizwa, kepha lowo eliwela phezu kwakhe liyakumcolisa.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 21:44
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Uyakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphihlize njengokhamba lombumbi.”


Ngakho-ke izwi likaSimakade yileli: isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezo phezu kwesiyalezo, umthetho phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, ingcosana lapha, ingcosana laphaya, ukuze bahambe, bawe nyovane, bephuke, bacushwe, babanjwe.


Ngokuba isizwe nombuso okungeke kukukhonze kuyophela; yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa nya.


Kuyakuthi ngalolo lusuku iJerusalema ngilenze libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe. Zonke ezizithwesa lona ziyakulimala kanzima. Izizwe zonke zomhlaba ziyakubuthana, zilihlanganyele.”


“Ngalokho-ke ngithi kini: niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.


Abaphristi abakhulu nabaFarisi sebeyizwile imizekeliso yakhe, baqonda ukuthi ukhuluma ngabo.


Impela iNdodana yomuntu izakuhamba njengokulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba akazalwanga.”


Abantu bonke baphendula, bathi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –


“Yilowo nalowo owela phezu kwaleli litshe uyakuphihlizeka, kepha lowo eliyakuwela phezu kwakhe, liyakumfihliza.”


UJesu waphendula, wathi: “Ngabe awunalo igunya phezu kwami, ukuba awulinikwanga ngaphezulu. Ngakho-ke onginikele kuwe, nguyena onesono esikhulu.”


njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Bukani, ngibeka eZiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa; okholwa yilo akayukujabhiswa.”


besivimbela ukuba sikhulume nabezizwe ukuze basindiswe. Ngalokho-ke bazinqwabela njalo izono zabo, kodwa ulaka selwehlele phezu kwabo ngokupheleleyo.


netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa. Bayakhubeka ngokuba bengalilaleli izwi okuyikhona abakumiselweyo.