“Ngubani ayomfundisa ukwazi, umbiko uyowuchazela bani na? Laba abalunyulwe ebeleni, bayekiswa ukuncela ubisi na?
Mathewu 21:27 - IsiZulu 2020 Base bemphendula uJesu, bethi: “Asazi.” Wayesethi naye kubo: “Nami angizukunitshela ukuthi lokhu ngikwenza ngagunya lini.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bemphendula uJesu, bethi: “Asazi.” Wayesethi kubo naye: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.” Baasraak Zulu New Testament Bible Base bemphendula uJesu, bathi: “Asazi. Wathi kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Contemporary Zulu Bible 2024 Base bemphendula uJesu, bathi: “Asazi. Wathi kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. |
“Ngubani ayomfundisa ukwazi, umbiko uyowuchazela bani na? Laba abalunyulwe ebeleni, bayekiswa ukuncela ubisi na?
Yenza inhliziyo yalaba bantu ibe lukhuni, izindlebe zabo zibe buthuntu; ufiphaze amehlo abo, funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.”
Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Kepha uma impumputhe ihola enye impumputhe, zombili ziyakukhalakathela emgodini.”
kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Niyakwazi ukuchaza isimo sezulu, kepha yini ningakwazi ukubona izibonakaliso zezikhathi na?
Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ siyasesaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumphrofethi.”
“Nina-ke nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini.’
Indoda yaphendula, yathi kubo: “Lokhu kuyamangalisa ukuthi nina anazi ukuthi uvela kuphi, kepha uvule amehlo ami.
Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.