Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”
Mathewu 21:17 - IsiZulu 2020 Wahamba, waphuma emzini, waya eBhethaniya, walala ubusuku lapho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona. Baasraak Zulu New Testament Bible Wabashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya; walala khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Wabashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya; walala khona. |
Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”
Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!
Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona, umphrofethi.” Wayesebashiya, wahamba.
Kwathi lapho besondela eJerusalema, naseBhethifage, naseBhethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wayesethuma abafundi bakhe ababili,
UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini. Esebuke nxazonke, waphuma. Kuthe sekuhlwile, waya eBhethaniya nabali-12.
Kwathi eseseBhethaniya ehleli edla, endlini kaSimoni owayenochoko, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabhaste wamafutha enadi lodwa, elibiza inani elikhulu. Wawuchoboza umfuma, wathela amafutha ekhanda likaJesu.
UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya,
Besahamba, wangena emzaneni othile; owesifazane mumbe, ogama lakhe nguMartha, wamemukela endlini.
Kwathi uJesu esesondele eBhethifage naseBhethani, ngasentabeni okuthiwa eYeminqumo, wathuma abafundi ababili,
Wayesebahola, baphuma baze bayofika eBhethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa.
Kwakukhona othile owayegula, onguLazaru waseBhethaniya, isigodi okwakuhlala kuso uMariya nodadewabo uMartha.