Ngiyakuya kuphi, ngisuke eMoyeni wakho na? Ngiyakubalekelaphi, ngisuke phambi kwakho na?
Mathewu 2:19 - IsiZulu 2020 Esekhotheme uHerode; bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibhithe, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uHerode esefile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi: Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi esefile uHerodi, khangela, ingilosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibhithe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi esefile uHerodi, khangela, ingilosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibhithe. |
Ngiyakuya kuphi, ngisuke eMoyeni wakho na? Ngiyakubalekelaphi, ngisuke phambi kwakho na?
“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?
“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ kusho uSimakade, ‘ungesabi, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nabozalo lwakho ezweni othunjwelwe kulo. UJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke angesatshiswa muntu,
“Ngakho-ke yisho, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nakuba ngibayise kude ezizweni, ngabahlakazela emazweni, nokho ngibe yindawo engcwele kubo okwesikhashana, lapho emazweni abaye kuwo.” ’ ”
Iyakumisa ithende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele, kepha ilibhekise esiphethweni sayo, akakho ongayisiza.”
Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.
Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele.
yathi: “Vuka uthathe umntwana nonina, uye kwa-Israyeli, ngokuba ababezingela impilo yomntwana sebefile.”
Kepha esezwile ukuthi sekubusa u-Arikhelawusi, indodana kaHerode, eJudiya, wesaba ukuya khona. Esexwayisiwe ngephupho, waya eGalile.
Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.”