UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”
Mathewu 19:9 - IsiZulu 2020 Namanje ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, bese eganwa ngomunye, uyaphinga. Nalowo oganwa ngolahliweyo uyaphinga.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.” Baasraak Zulu New Testament Bible Nami ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; Contemporary Zulu Bible 2024 Nami ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; |
UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”
UJehoramu wabuye wenza izindawo eziphakemeyo ezintabeni zakwaJuda, waholela ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.
“Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.
Ubonile ukuthi ngakho konke ukungethembeki kwakhe u-Israyeli, ohlubukayo angenqenanga ukumnika incwadi yesehlukaniso, nokho udadewabo uJuda akesabanga, naye uhambile wayofeba.
“ ‘ “Kepha wethembela ebuhleni bakho, waba yisifebe ngenxa yodumo lwakho, wabuthululela bonke ubufebe bakho kwabadlulayo, baba ngobabo.
Wandisa ubufebe bakho baze bafinyelela nasezweni labahwebi, iKhalideya, kepha nalokho akukwenelisanga.
“ ‘ “Ngesikhathi ngiphinda ngidlula ngakuwe, ngakubuka; ngabona ukuthi usukhulile, usungathanda. Ngase ngendlala isembatho sami phezu kwakho, ngafihla ubunqunu bakho, yebo, ngafunga kuwe, ngenza nawe isivumelwano,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, waba ngowami.
Abafundi bathi kuye: “Uma injalo-ke indaba yendoda nomkayo, kungcono ukungaganwa.”
UJesu wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu, uMose wanivumela ukuba nehlukane nabo omkenu, kodwa-ke kwakungenjalo kusukela ekuqaleni.
Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo, uyaphinga.
“Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahlwe yindoda yakhe, uyaphinga.
Impela kubikwa ukuthi kudlange ubufebe phakathi kwenu, futhi lobu obungekho ngisho nakwabezizwe: njengokuba kubikwa ukuthi omunye wenu ulala nomkayise.
Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isaphila, kodwa uma isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokuthanda kwakhe, kuphela ukuba lokho kube seNkosini.
Umfazi kanamandla phezu komzimba wakhe, kodwa yindoda enawo, kanjalo nendoda kayinamandla phezu komzimba wayo, kodwa ngumfazi onawo.