Othembele engcebeni yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.
Mathewu 19:23 - IsiZulu 2020 Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: kulukhuni konothileyo ukungena embusweni wezulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Ocebileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Ocebileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. |
Othembele engcebeni yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.
Lokho okuhlwanyelwe emeveni, yilowo ozwa izwi, kuthi iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuliminyanise izwi, abe ngongatheliyo.
wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: uma ningaphenduki nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.
Kuthe insizwa seyilizwile lelo lizwi, yahamba ilusizi, ngokuba yayicebe kakhulu.
“Iyiphi kula madodana amabili eyenza intando kayise na?” Bathi kuye: “Eyokuqala.” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: abathelisi nezifebe bangena ngaphambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.
Ngokuba ngithi kini: uma ukulunga kwenu kungadluli okwezazimthetho nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
UJesu waqalaza, wayesethi kubafundi bakhe: “Maye, kulukhuni kuyitshe kwabanothileyo ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu!”
UJesu embona ukuthi ulimele kakhulu, wathi: “Kulukhuni kuyitshe kwabanothileyo ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.”
UJesu waphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, ngeke angene embusweni kaNkulunkulu.
beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”
Ngokuba bazalwane, khumbulani ukubizwa kwenu ukuthi kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, futhi kababaningi abayizikhulu.
Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na?