Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
Mathewu 19:19 - IsiZulu 2020 hlonipha uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Baasraak Zulu New Testament Bible Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Contemporary Zulu Bible 2024 Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. |
Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.
“ ‘Awuyukuphindisa, awuyukuba namagqubu nabantu bakini, kodwa uyothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguSimakade.
“ ‘Yilowo nalowo uyohlonipha uyise nonina, agcine amasabatha ami; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
Owesibili ofana nawo, uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’
Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho; umthande nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
Lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ngabe ukhona omunye umyalo, kodwa kufingqwe kuleli lizwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
Ngokuba umthetho wonke uqoqwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle.