U-Abhrahama wamsoka u-Isaka esenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe njengoba uNkulunkulu ayemyalile.
Mathewu 19:14 - IsiZulu 2020 Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo. |
U-Abhrahama wamsoka u-Isaka esenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe njengoba uNkulunkulu ayemyalile.
Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.
wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: uma ningaphenduki nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.
UJesu ekubona lokho wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo ongawemukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.”
Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo.
kodwa uthe kimi: ‘Uzakukhulelwa, uzale indodana. Ngakho-ke ungaphuzi wayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ”
Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”
Kodwa uHana akenyukanga, wathi kumyeni wakhe: “Angiyukwenyuka aze alunyulwe umntwana; khona ngizakumyisa ukuba abonakale phambi kukaSimakade, ahlale lapho njalo.”
Eseyilumulile, wenyuka nayo, nezinkunzi ezintathu, i-efa lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaSimakade eShilo; umntwana wayesemncane.
USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.