UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.
Mathewu 19:11 - IsiZulu 2020 Kepha wathi kubo: “Akusibo bonke abangalamukela leli lizwi, kuphela labo abakunikiweyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha wathi kubo: “Akusibo bonke abangalamukela leli zwi, kuphela abakunikiweyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha wathi kubo: “Bonke abanakulamukela leli zwi, kuphela abalinikiweyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha wathi kubo: “Bonke abanakulamukela leli zwi, kuphela abalinikiweyo. |
UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.
Abafundi bathi kuye: “Uma injalo-ke indaba yendoda nomkayo, kungcono ukungaganwa.”
Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu, futhi kukhona abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Okwazi ukukwemukela lokhu, makakwemukele.”
Kunye nje kuphela, ukuba yilowo nalowo ahambe njengalokhu iNkosi imabele, kube yilowo nalowo njengalokhu uNkulunkulu embizile. Ngiwayala kanjalo onke amabandla.
Kepha ngenxa yobufebe, akube yileyo naleyo ndoda ibe nomfazi, kanjalo nowesifazane abe neyakhe indoda.
Ngikhuluma lokhu ukuze nisizakale, angiqondile ukunicindezela; kodwa ukuba nihambe ngokufanele, nibambelele eNkosini, ningaphazanyiswa yilutho.