Mathewu 18:12 - IsiZulu 2020 “Nicabangani ngalokhu na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese kuduka eyodwa kuzo, akayukuzishiya yini ezingama-99 ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na? Baasraak Zulu New Testament Bible Nicabangani? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, aye ezintabeni, afune edukileyo? Contemporary Zulu Bible 2024 Nicabangani? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, aye ezintabeni, afune edukileyo? |
Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.
Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.
Njengalokhu umelusi ewufuna umhlambi wakhe lapho uhlakazekile, kanjalo-ke ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizihlenge kuzo zonke izindawo ezihlakazelwe kuzo ngosuku lwamafu nesigayegaye sobumnyama.
“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.
Azisayukuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyukuzidla, kepha ziyakuhlala ngokulondeka, zingesatshiswa muntu.
Ezibuthakathaka aniziqinisi, egulayo aniyelaphi, elahlekileyo aniyicingi, kodwa niziphatha ngendlakadla.
Izimvu zami bezizulazula kuzo zonke izintaba nakuwo wonke amagquma aphakemeyo. Yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwaba bikho ozifunayo nozicingayo.
Ngakho-ke wathi kubo: “Ngubani kini othi enemvu eyodwa, bese iwela emgodini ngesabatha, ongeyibambe, ayikhiphe lapho na?
Kuthi lapho eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza kakhulu ngayo kunangalezi ezingama-99 ebezingadukile.
“Nina-ke nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini.’
ngokuba naninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje senibuyele kumelusi nomphathi wemiphefumulo yenu.