Kuthe lapho uJohane esejele, ezwa ngemisebenzi kaKhristu wayesethumela ngabafundi bakhe,
Mathewu 17:12 - IsiZulu 2020 kodwa ngithi kini: u-Eliya sewafika; nokho abamazanga, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu izakuhlushwa yibo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha ngithi kini: U-Eliya usefikile, kepha abamazanga, kepha benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha ngithi kini: U-Eliya usefikile, kepha abamazanga, kepha benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo. |
Kuthe lapho uJohane esejele, ezwa ngemisebenzi kaKhristu wayesethumela ngabafundi bakhe,
Kusukela lapho, uJesu waqala ukubachazela abafundi bakhe ukuthi kufanele aye eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga, nabaphristi abakhulu nezazimthetho, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.
Wabaphendula wathi kubo: “Impela uyeza u-Eliya, uyakubuyisela konke esimeni sakho,
Besahamba eGalile, uJesu wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu;
Sebehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningalokothi nitshele muntu ngalo mbono, ize ivuswe kwabafileyo, iNdodana yomuntu.”
Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kodwa abathelisi nezifebe bakholwa nguye. Kepha nina, nakuba nikubona akwenzileyo, aniguqukanga nakamuva ukuba nikholwe nguye.”
UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
“Ngokuba uJohane uMbhabhadisi wafika engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nathi: ‘Unedimoni.’
Yena lowo esenikelwe ngesu elimisiwe phambilini nangokwazi kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala.
makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lo muntu emi phambi kwenu, esindile.
Yimuphi kubaphrofethi ongahlushwanga ngokhokho benu na? Bababulala ababememezela phambilini ukuza koLungileyo, nani manje seningabakhapheli nababulali bakhe.