USimakade wabona ukuthi ububi babantu sebubukhulu emhlabeni nokuthi izizindlo zezinhliziyo zabo zihlala zizimbi njalo,
Mathewu 15:19 - IsiZulu 2020 Ngokuba enhliziyweni kuvela imidlinzo emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, nokuhlambalaza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba enhliziyweni kuphuma imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba enhliziyweni kuphuma imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza; |
USimakade wabona ukuthi ububi babantu sebubukhulu emhlabeni nokuthi izizindlo zezinhliziyo zabo zihlala zizimbi njalo,
Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.
Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kodwa induku yokumyala ibuqhelisela kude naye.
Gcina inhliziyo yakho kukho konke okulondayo, ngokuba yona ingumthombo wokuphila.
Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.
Izinyawo zabo zigijimela ebubini; bayashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yenkohlakalo; incithakalo nokubhujiswa kugcwele ezindleleni zabo.
“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?
Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?
UBhileyamu wathi embongolweni: “Yingoba ungenza isilima! Ukuba benginenkemba esandleni, ngabe sengikubulele.”
Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu, kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”
Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
UJesu eyazi imidlinzo yabo, wathi: “Yini nidlinze okubi ezinhliziyweni zenu na?
Ngakho-ke phenduka kulobu bubi, ukhuleke eNkosini, hleze ikuthethelele umdlinzo wenhliziyo yakho,
Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi emzimbeni wami, akuhlali lutho oluhle, ngokuba ukuthanda ukwenza okulungileyo kukhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho.