Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.
Mathewu 15:18 - IsiZulu 2020 Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha okuphuma emlonyeni kuphuma enhliziyweni; futhi ziyamngcolisa umuntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha okuphuma emlonyeni kuphuma enhliziyweni; futhi ziyamngcolisa umuntu. |
Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.
Izindebe zolungileyo ziyakwazi okwamukelekileyo, kepha umlomo wezikhohlakali ukhuluma okuphambeneyo.
Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.
Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula, kepha imilomo yezikhohlakali iphafuza izinto ezimbi.
Gcina inhliziyo yakho kukho konke okulondayo, ngokuba yona ingumthombo wokuphila.
Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.
Akusikho okungena emlonyeni okumngcolisayo umuntu, kodwa yilokho okuphuma emlonyeni okumngcolisayo umuntu.”
Aniqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphandle na?
“Wathi kuyo: ‘Ngizakwehlulela ngamazwi akho, wena nceku embi. Ubuwazi kahle ukuthi ngingumuntu olukhuni: ngithatha engingazange ngikubeke, ngivune engingakuhlwanyelanga.
Kunjengesaga sasendulo esithi: ‘Kwababi kuvela ububi,’ yingakho-ke nje isandla sami singeke sikubulale.