Inkosi uJehoyakimi, nawo wonke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bawezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala, kepha u-Uriya wezwa, wesaba, wabaleka, waya eGibhithe.
Mathewu 14:5 - IsiZulu 2020 Kwathi nakuba ayefuna ukumbulala, kodwa wesaba abantu ngokuba babethi ungumphrofethi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi esefuna ukumbulala, wesaba isixuku, ngokuba babethi ungumprofethi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi esefuna ukumbulala, wesaba isixuku, ngokuba babethi ungumprofethi. |
Inkosi uJehoyakimi, nawo wonke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bawezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala, kepha u-Uriya wezwa, wesaba, wabaleka, waya eGibhithe.
Kanti naphumelani na? Ukuyobona umphrofethi na? Yebo, ngithi kini: owedlula umphrofethi.
Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ siyasesaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumphrofethi.”
Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kodwa abathelisi nezifebe bakholwa nguye. Kepha nina, nakuba nikubona akwenzileyo, aniguqukanga nakamuva ukuba nikholwe nguye.”
“Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe, ngokuba bayakholwa ngukuthi uJohane ungumphrofethi.”
Sebebesabisile babadedela, ngokuba abazanga ukuthi bazobajesiza kanjani lokhu kwakunabantu, bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile.
Yaphuma-ke induna kanye nezikhonzi, zabaletha, hhayi ngempoqo, ngokuba babesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.