Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.
Mathewu 14:13 - IsiZulu 2020 Kwathi uJesu esekuzwile lokho, wasuka lapho ngesikebhe waya endaweni eyihlane, yedwa. Zithe ukuba izixuku zikuzwe lokho, zamlandela ngezinyawo, ziphuma emizini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi uJesu esekuzwile lokho, wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu esekuzwile lokho wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kwathi izixuku zikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu esekuzwile lokho wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kwathi izixuku zikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. |
Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.
Kwafika abafundi bakaJohane basithatha isidumbu sakhe, basimbela, base beyobikela uJesu.
Kwathi ekuseni ngovivi, wavuka, waphuma, waya endaweni eyihlane, wayokhuleka khona.
Kuthe sekusile, wathi shelele, waya endaweni eyihlane. Izixuku zamfuna, zaze zamthola, zazama ukumvimba ukuba angamuki kuzo.