Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 13:54 - IsiZulu 2020

Esefikile emzini wakubo, wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala, bathi: “Lo ngabe ukuthatha kuphi lokhu kuhlakanipha nala mandla na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni* labo, baze bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Esefikile ezweni lakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala bathi: “Lo ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Esefikile ezweni lakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala bathi: “Lo ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 13:54
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyomemezela ngegama lakho kubafowethu, ngikudumise phakathi kwebandla.


Wafika khona wakha emzini okuthiwa yiNazaretha ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngabaphrofethi ukuthi: “Uyakubizwa ngokuthi umNaziri.”


Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


Kwathi uJesu eseqedile ukukhuluma la mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe,


Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.


Weza kokwakhe, kodwa abakhe abamemukelanga.


UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


Kwathi bebona isibindi sikaPhethro noJohane, futhi bazi ukuthi bangabantu abangafundile nabangaqeqeshiwe, bamangala, bazi nokuthi kade benoJesu,


Kwathi lapho bonke abebekade bemazi kuqala bebona ukuthi uphrofetha nabaphrofethi, bakhuluma bodwa omunye ethi komunye: “Yini le eyenzeke endodaneni kaKishi na? Ngabe nguSawule ngempela lo ophakathi kwabaphrofethi na?”