Mathewu 13:46 - IsiZulu 2020 kuthi angalithola ipharele elilodwa lenani elikhulu, ahambe athengise ngakho konke anakho, alithenge. IBHAYIBHELI ELINGCWELE eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. |
Uyoba ngukuzinza esikhathini senu, abe ngukuphelela kokusindiswa, ukuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uSimakade kuyakuba yingcebo yakhe.
“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.
“Umbuso wezulu ufaniswa futhi nenetha elaphonswa olwandle, lawola inhlanganisela yezinhlanzi.
Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.
Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.
Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.
impahla yegolide, eyesiliva, eyamatshe ayigugu, amapharele, ilineni elicolekileyo, okubukhwebezane, usilika, okubomvu, imithi yonke enamakha, zonke izitsha zamazinyo endlovu, izitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, ezethusi, ezensimbi, ezetshe elimhlophe,
Amasango ali-12 ayengamapharele ali-12; yilelo nalelo sango ngalinye, laliyipharele elilodwa. Umgwaqo womuzi wawuyigolide elicwengekileyo, elifana nengilazi ekhanyayo.