Wakhuluma kubo okuningi ngemizekeliso, wathi: “Kwake kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela.
Mathewu 13:4 - IsiZulu 2020 Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni, kwafika izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zayidla zayiqeda. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zayidla zayiqeda. |
Wakhuluma kubo okuningi ngemizekeliso, wathi: “Kwake kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela.
Enye imbewu yawela edwaleni, lapho kwakungenamhlabathi omningi khona. Yamila masinyane, ngokuba yayingekho emhlabathini ojulileyo.
Kwathi ehlwanyela imbewu, enye yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla, zayiqeda.
“Kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni; yanyathelwa, zayidla nezinyoni zezulu.