Mathewu 13:36 - IsiZulu 2020 UJesu wayesezihlakaza izixuku, waya endlini. Abafundi bakhe basondela kuye, bathi: “Sichazele ngomzekeliso wokhula ensimini.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.” Baasraak Zulu New Testament Bible Khona uJesu wabamukisa abantu, wangena endlini; abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Sitshele umfanekiso wokhula lwensimu. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona uJesu wabamukisa abantu, wangena endlini; abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Sitshele umfanekiso wokhula lwensimu. |
UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.
kuthe abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, qede sashaya sachitha.
Wabacindezela abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni masinyane, bamendulele, baye ngaphesheya, ukuze ahlakaze izixuku.
Esefikile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.”
Akazange akhulume lutho kubo ngaphandle kwemizekeliso. Kepha sebebodwa ngasese, wayesebachasisela konke abafundi bakhe.
UJesu wayesephoqa ngokushesha abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni, bamandulele ukuya phesheya eBhethsayida, aze yena ahlakaze isixuku.
Kuthe esengene endlini, esuka esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalo mzekeliso.