Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 13:30 - IsiZulu 2020

Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe. Ngesikhathi sokuvuna ngiyakuyala abavuni ngithi: buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuze lushiswe, bese nibuthela amabele enqolobaneni yami.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yekani kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye kuze kube sekuvuneni;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kuyekeni kukhule kokubili ndawonye kuze kube sekuvuneni;

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 13:30
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha umuntu oyowathinta, uyohlonyiswa ngensimbi noma ngothi lomkhonto, aze ashiswe ngomlilo angqongqe khona lapho.”


Ungayethemba yini ukuthi ingayibuyisa imbewu yakho, iyibuthele esibuyeni sakho na?


Kuyoba njengomuntu evuna amabele emazimbeni asamile, nengalo yakhe ivuna izikhwebu, nanjengokhothozayo esigodini samaRefa.


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


kuthe abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, qede sashaya sachitha.


“Kepha wathi: ‘Qha, funa nithi nxa nisiphula ukhula, nisiphule namabele kanye nalo.


Zonke izizwe ziyakubuthelwa phambi kwayo; ihlukanise abanye kwabanye, njengomelusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi.


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Lo oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe, ukushanelisisa isibuya sakhe, abuthe ukolo awufake enqolobaneni yakhe; amakhoba awashise ngomlilo ongacimekiyo.”


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Izono zabanye abantu zisobala, ziyabandulela, zibaholele ekwehlulelweni, kodwa abanye ziyabalandela.


Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.