Yamila yaba ngumvini owenabayo, nokho omfushane, ukuze amagatsha awo abheke ngakuwo, nezimpande zawo zibe phansi kwawo. Waba ngumvini-ke, waba namagatsha, kwavela amahlumela.
Mathewu 13:26 - IsiZulu 2020 Kwathi lapho amabele esekhahlela, kwavumbuka ukhula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ukuba likhule ikhaba, kuthele isithelo, khona kwabonakala nokhula. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa kwathi lapho ikhaba selimile futhi selithela, khona kwabonakala nokhula. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kwathi lapho ikhaba selimile futhi selithela, khona kwabonakala nokhula. |
Yamila yaba ngumvini owenabayo, nokho omfushane, ukuze amagatsha awo abheke ngakuwo, nezimpande zawo zibe phansi kwawo. Waba ngumvini-ke, waba namagatsha, kwavela amahlumela.
kuthe abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, qede sashaya sachitha.
“Izisebenzi zaya kumninindlu, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga yini imbewu enhle ensimini yakho na? Pho luvelaphi ukhula na?’