Impela bashisisa izinhliziyo zabo ngamacebo abo njengeziko, umbhaki wabo ulala ubusuku bonke; ekuseni livutha njengomlilo wamalangabi.
Mathewu 12:44 - IsiZulu 2020 Bese uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ Usufikile, uyifumana ingenalutho, ishaneliwe futhi ihlotshisiwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo;’ esefikile, ayifumane ize, ishaneliwe, ihlotshisiwe. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona uthi: ‘Ngiyakubuyela endlini yami engaphuma kuyo; kuthi lapho efika ayithole ingenalutho, ishaneliwe, ihlotshisiwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona uthi: ‘Ngiyakubuyela endlini yami engaphuma kuyo; kuthi lapho efika ayithole ingenalutho, ishaneliwe, ihlotshisiwe. |
Impela bashisisa izinhliziyo zabo ngamacebo abo njengeziko, umbhaki wabo ulala ubusuku bonke; ekuseni livutha njengomlilo wamalangabi.
“Umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso na?
“Uma umoya ongcolileyo uphuma kumuntu, uyazula, udabule ezindaweni ezigagadekileyo, ufuna ukuphumula; kodwa ungakufumani.
Uyahamba-ke, ulande eminye imimoya eyisikhombisa emibi ukwedlula wona; ingene ihlale kuyo. Isiphetho salowo muntu sibe sibi kunakuqala. Kuyakuba kanjalo-ke nakulesi sizukulwane esibi.”
Lokho wakusho, hhayi ngokuba ekhathalela abampofu, kodwa ngokuba eyisela futhi ephatha isikhwama semali, ayebuye ebe okufakwa kuso.
Sekudliwa isidlo sakusihlwa, usathane wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele.
Emva kokuba emukele ucezu, uSathane wangena kuye. UJesu wayesethi kuJuda: “Lokhu okwenzayo, kwenze masinyane.”
Empeleni kufanele ukuba kube khona amaqembu phakathi kwenu, ukuze abaqotho bavele obala.
lezi enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli lizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza kubantwana bokungalaleli,
Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.
Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni.