Mathewu 12:16 - IsiZulu 2020 Wabayalisisa ukuba bangakhulumi ngaye, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi, Baasraak Zulu New Testament Bible Wabayala ukuthi bangamenzi aziwe; Contemporary Zulu Bible 2024 Wabayala ukuthi bangamenzi aziwe; |
Sebehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningalokothi nitshele muntu ngalo mbono, ize ivuswe kwabafileyo, iNdodana yomuntu.”
UJesu wayesethi kuye: “Qaphela, ungatsheli muntu, kepha hamba uyozibonakalisa kumphristi, unikele ngomnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”
Ayesevuleka amehlo azo. UJesu wazidonsa ngendlebe, wathi: “Qaphelani ukuba lokhu kungaziwa muntu.”
UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya,
Wabadonsa ngendlebe ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi noma ebayalisisa kwaba sengathi uyababhebhezela, bayisabalalisa kakhulu indaba.