Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 12:14 - IsiZulu 2020

AbaFarisi baphuma, bafakana imilomo ukuthi bangambhubhisa kanjani.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Base bephuma abaFarisi, benza icebo ngaye lokuba bambhubhise.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Base bephuma abaFarisi, benza icebo ngaye lokuba bambhubhise.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 12:14
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bakha uzungu lokuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale.


Kwathi sekusile, bonke abaphristi abakhulu namalunga esizwe bahlangana, bakha itulo lokumbulala uJesu.


Emva kwezinsuku ezimbili, kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna ithuba lokuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale.


AbaFarisi baphuma ngokushesha bayohlanganisa amakhanda ngaye nabakaHerodi ukuthi bangambhubhisa kanjani.


Abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna iqhinga lokuthi bangambulala kanjani uJesu, ngokuba babesaba abantu.


Bathukuthela bathelwa ngamanzi, bakhuluma bodwa bebonisana ukuthi bangamenzenjani uJesu.


AbaJuda bacosha amatshe futhi, ukuze bamkhande ngawo.


Ngakho-ke bafuna ukumbamba, kodwa waphunyuka ezandleni zabo.


Ngakho kusukela kulolo suku, bakha uzungu lokumbulala.


Abaphristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukhona owaziyo ukuthi ukuphi, ababikele, ukuze bambambe.


Ngakho-ke ngenxa yalokhu, abaJuda babefuna kakhulu ukumbulala, ngokuba akephulanga nje isabatha, futhi wathi uNkulunkulu unguYise; ngaleyo ndlela ezenza olingana noNkulunkulu.


Ngakho-ke bafuna ukumbopha, kodwa akukho namunye owamubamba, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


AbaFarisi bezwa isixuku sivungazela ngaye ngalokho; abaphristi abakhulu nabaFarisi base bethumela izinceku ukuba zimbophe.


Abanye babo babefuna ukumbopha, kodwa akukho muntu owambambayo.


Base becosha amatshe ukuze bamkhande ngawo, kodwa uJesu wafihlakala kubo, waphuma ethempelini.