Mathewu 12:12 - IsiZulu 2020 Pho-ke umuntu uyedlula kangakanani imvu? Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.” Baasraak Zulu New Testament Bible Pho, umuntu udlula imvu kangakanani na? Ngakho kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha. Contemporary Zulu Bible 2024 Pho, umuntu udlula imvu kangakanani na? Ngakho kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha. |
Bhekani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni, nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Nina anizidluli yini kakhulu na?
Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? Ukusindisa noma ukubulala na?” Kepha bathula du.
Ake nibheke nje amagwababa; awalimi, awavuni, futhi awanazilulu nazinqolobane, kepha uNkulunkulu uyawondla. Kakhulu kangakanani-ke nina eniyigugu ukwedlula izinyoni!
Kwathi ngesabatha uJesu waya endlini yomunye wabaFarisi oyisikhulu, eyokudla, bembheke ngeso lokhozi.
UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe yini ukwenza okuhle noma okubi ngesabatha, ukusindisa noma ukubulala na?”