Kuthe lapho uJohane esejele, ezwa ngemisebenzi kaKhristu wayesethumela ngabafundi bakhe,
Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe,
Kwathi uJohane esetilongweni ezwe imisebenzi kaKristu, wathuma ababili kubafundi bakhe.
Zinjalo-ke izizukulwane zonke kusukela ku-Abhrahama kuya kuDavide; ziyizizukulwane ezili-14; ezisukela kuDavide kuze kube yisikhathi sokuthunjelwa eBhabhiloni, ziyizizukulwane ezili-14; nezisukela esikhathini sokuthunjelwa eBhabhiloni kuze kube yisikhathi sikaKhristu, ziyizizukulwane ezili-14.
Ngokuba nguye uHerode owayebambe uJohane, wamfaka ejele ngenxa kaHerodiya, umkaFiliphu, umfowabo.
Kuthe uJesu esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wahamba waya eGalile.
Khona kwafika kuJesu abafundi bakaJohane, bathi: “Kungani thina nabaFarisi sizila ukudla, kodwa abafundi bakho bengazili na?”
UHerode uqobo nguye owayethumele ukuba abanjwe uJohane, wayesemfaka ejele, ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wamthatha wamgana.
Kepha uHerode, uMthethrakhi, wasolwa nguJohane ngenxa kaHerodiya, umkafowabo, nangenxa yakho konke okubi ayekwenzile uHerode,
Kwathi uHerode, uMthethrakhi, ezwa ngakho konke okwakwenzeka, wadideka kakhulu, ngokuba abanye bathi kuye uJohane uvukile kwabafileyo,
Kwathi ukuba uJesu ezwe ukuthi abaFarisi sebezwile ukuthi uthola abafundi, futhi abhabhadise abaningi kunoJohane,